Back

ⓘ IBarraba



IBarraba
                                     

ⓘ IBarraba

IBarraba yidolobha laseNew South Wales e-Ostreliya. Idolobha laliyikomkhulu kamasipala iBarraba Shire. Lo masipala uhlanganiswe emasipaleni weTamworth Regional Council ngo-2004.

IBarraba isendaweni ebizwa ngeBundarra-Barraba Important Bird Area. Le ndawo ilondoloza indawo yokuhlala yezinyoni iRegent Honeyeater Anthochaera phrygia.

IBarraba isesifundeni iNew England. IBarraba yisebombo iNandewar Range. Idoloboha elisemgaqweni wezokuvakasha iFossickers Way. Umfula iManilla River ugobhoza eceleni kwedolobha.

IBarraba ingamakhilomitha angama-477 enyakatho-ntshonalanga ukusuka eSydney nengamakilomitha angama-548 eningizimu-ntshonalanga ukusuka eBrisbane. IBarraba ingamakhilomitha angama-90 enyakatho ukusuka eTamworth. ITamworth yikomkhulu lomasipala weTamworth Regional Council.

                                     

1. Umlando

AmaKamilaroi isiNgisi: Kamilaroi noma Gamileraay ayehlala esifundeni phambili kokuba kufike abelungu. Umlungu wokuqala esifundeni wayenguAllan Cunningham. Wafika lapho ngonyaka we-1827. Wayengumhloli wamazwe nosozimila. Ipulazi lokuqala esifundeni iBarraba Station lamisiwa ngonyaka we-1837 noma ngonyaka we-1838. Isiza esisedolobheni sahloliwa ngonyaka we-1852.

Ukutholwa kwagolide kwasiziwa ukukhula kwedolobha. Iposi hhovisi lokuqala lavulwa ngonyaka we-1856 nesikole sokuqala savulwa ngonyaka we-1861. Isonto laseSheshi lakhiwa ngonyaka we-1876 nebhange lokuqala lavulwa ngonyaka we-1876. Ihhotela lokuqala iCommercial Hotel lakhiwa ngonyaka we-1878 nendlu yenkantolo yakhiwa ngonyaka we-1881. IBarraba yamemezela idolobha ngonyaka we -1885. IBarraba lamemezela idolobha ngonyaka we-1885. Isibhedlela savulwa ngonyaka we-1891 nesonto laseWesleyan lakhiwa ngonyaka we-1898.

Iphephandaba ledolobha iBarraba Gazette laqala ukushicilelwa ngonyaka we-1900. Isonto lamaKhatholika lakhiwa ngonyaka we-1906. Isipolo saphethelwa eBarraba ngonyaka we-1908. Isitimela sokugcina esagcina ukuhamba eBarraba ngonyaka we-1983 nesipolo savalwa ngonyaka we-1987. IConnors Creek Dam lakhiwa ngonyaka we-1933. Leli damu lathuthukisa ukuhlinzeka ngamanzi idolobha edolobheni.

                                     

2.1. Imboni yezimayini Ithusi

Ithusi latholwa eGulf Creek ngonyaka we-1889 nemayini yokuqala yamiswa ngonyaka we-1892. IGulf Creek yidolobhana elisendaweni engamakhilomitha angama-22 ukusuka eBarraba. Iposihhovisi, ihhotela, nesikole kwakhiwa khona edolobheni. Le mayini yayiyimayini enkulu kunawo wonke ethusi eNew South Wales ngonyaka we-1901 leli dolobhana lalinabantu abangama-300. Imayini yavalwa ngeminyaka yawo-1930. Iposihhovisi yavalwa ngonyaka we-1966. Iposihhovisi lavalwa ngonyaka we-1966. Idolobhana lashiyiwa.

                                     

2.2. Imboni yezimayini Umhlaba wokudabuka

Imayini umhlaba wokudabuka yamiswa ngonyaka we-1982.

                                     

2.3. Imboni yezimayini Amatashe aligugu/ayigugu

Abantu bangathola amapyrite, ama-garnet, ama-jasper, igade nezeolite esifundeni. Iquartz elibomvu, iquartz elinsundu nequartz eliphuzi atholakala esifundeni. Abantu bangathola amathambo aguquke aba ngamatshe lapha.

                                     

3. Iklayimethi

Ihlobo liyashisa futhi liswakeme. Ubusika buyabanda futhi bomile. Inzinga lokushisa eliphezulu labikwa lalingu-41.3°C. Izinga lokushisa eliphansi labikwa lalingu-9.4°C ngaphansi kwezinga-qhwa -9.4°C.

Imvula yomnyaka ivama ingamamilimitha angu-688.7 668.7 mm. Imvula ephakeme isuku ebikwa ingamamilimitha ngu-194.3 194.3 mm. Leyo mvula iwa ngomhla ka-25 ku-Februwari ngo-1955.

                                     

4. Ukuhlinzeka kwamanzi

Abantu badolobha bakhipha amanzi eManilla River, eBarraba Creek, neConnors Creek Dam phambili kokuba ISplit Rock Dam lakhiwa ngonyaka we-1988. Ipayipi amanzi kusukela leli damu kuya eBarraba lakhiwa ngonyaka we-2015. Abantu badolobha bakhipha amanzi epitsi uma leyo mitombo inciphisiwe.

                                     

5. Izixhumanisi zangaphandle

  • IBarraba eWikivoyage isiNgisi
  • iVideo: iConnors Creek Dam isiNgisi
  • umgidingo oBarraba isiNgisi
  • iVideo: iSplit Rock Dam isiNgisi
  • iwebhusayithi eliFacebook eliBarraba isNgisi
  • I-Asbestos Diseases Foundation of Australia isiNgisi
  • iwebhusayithi eliBarraba isNgisi
  • iwebsayithi laTamworth Regional Council isiNgisi
  • ewebhusayithini laFossickers Way isiNgisi
  • iSplit Rock Dam isiNgisi
  • ewebhusayithini laTamworth Regional Council isiNgisi
  • iwebhusayithi laFossickers Way isiNgisi
  • iVideo: la asbestominejo ĉe Woodsreef isiNgisi
  • IHunter New England Health Service isiNgisi
  • umgidingo obuciko "Frost over Barraba" isiNgisi
Free and no ads
no need to download or install

Pino - logical board game which is based on tactics and strategy. In general this is a remix of chess, checkers and corners. The game develops imagination, concentration, teaches how to solve tasks, plan their own actions and of course to think logically. It does not matter how much pieces you have, the main thing is how they are placement!

online intellectual game →